Sengiqomile by Unjoko

Umculi kaMaskandi ozibiza ngoNjoko udedele ivideo yecwecwe lakhe elishisa izikhoth elithandwa nakakhulu ogilama elithi Sengiqomile. Ebambisene nalowo owayelingisa estolini Uzalo, benze into yamehlo njengoba izincomo zingena mihla le.

 

Inkosazane eyaziwa ngelika Nombuso izinikele ngakho konke ekwenzeni sure ukuthi le video iba kuleli zinga elifunwa ilomculo, nebala kwaba njalo.

 

Unjoko uthi ubonga akakhawuli kubo bonke abenze le video yaba imumelelo. “Ngizobonga ngokukhethekile kule ntokazi yakwaZulu ngokungenzela into yamehlo kule video yami entsha ethandwa kakhulu kuleli”.

 

“Ngiphinde ngibonge izincomo ezivela kubathandi bomculo wami ngithi ngiyabonga kunina besilo ngoba angilutho ngaphandle kwenu. Okuningi sesiyokubona kwenzeka bukhona kwiMpucuzeko nokuyilapho esobe sisho khona sithi Sengiqomile siphinde sithi Take away”.

 

“Uma befuna ukuyibona le video bengayithola kuwona onke amasocial network ngoba isabalele nezwe lonke kumanje kanti futhi iyona yodwa edla ubhedu emculweni wonkana kuleli”.

 

“Ngingabathembisa ngingenqeni ukuthi zikhona izinhlelo ze-album entsha kaNjoko ezophuma ukuphela konyaka njengasemihleni kodwa ngeke ngiqinisekise lutho okwamanje ngoba angithandi ukudida abantu imqondo. Ngifisa kebezitike ngale video enhle emnandi neyi quality engisanda kubenzela yona okunye sobuye sikuxoxe”. Kubeka Unjoko.

Categories Uncategorized